Usexolisile kuChiefs nakuKomphela umqeqeshi we-Acornbush

2017-04-11 16:00

Cape Town – Umqeqeshi we-Acornbush United, uMacDonald Makhubedu, usexolisile kuKaizer Chiefs kanye nomqeqeshi wayo, uSteve Komphela, kulandela ukuphawula kwakhe akwenza ngemuva komdlalo.

UMakhubedu wathi usale ephoxekile ngenxa yezinga eliphansi leChiefs emdlalweni weNedbank Cup ngesikhathi enengxoxo eyayidlalwa bukhoma esiteshini sikamabonakude.

“Wonke umuntu uzele ukuzobona iqembu elikhulu ezweni base babuka le nto,” kusho uMakhubedu. “Kahleni bakwethu, abafana bami abafundanga lutho namhlanje.

“Bengifuna bafunde, akuthelanga zithelo kumina njengomqeqeshi futhi bengifuna ukusebenzisa lo mdlalo ukuzilungiselela ama-play-off.

“Uma ngabe leli kuyiqembu elikhulu kunawo wonke ezweni, iqembu lesizwe alisoze lashaya iLesotho ngoba uma laba kungabadlali abakhulu sisenkingeni enkulu,” kusho uMakhubedu.

Lokhu akwehlanga neze kahle kuKomphela njengoba naye eye wajikijela ngamazwi kulo mqeqeshi, waphinde wanxusa iPSL ukuthi imjezise kanzima lo mqeqeshi.

OLUNYE UDABA: Komphela: Kumele ajeze umqeqeshi we-Acornbush

“Ngicabanga ukuthi iPSL kumele ithathe izinyathelo. Abanye bethu baqeqeshi bakhuluma udoti omningi ngoba siyazi ukuthi asizukujeza,” kusho uKomphela.

“Kumele ajeze ngalokhu akushoyo. Laba bafowethu kumele babekwe amacala, kwaphela nje, sebephumile emugqeni!

“Lesi akusiso isithombe sezinga labo lobuhlakani, isithombe senye into ngale kobuhlakani,” kusho uKomphela obebonakala ukuthi udinwe uyaqhuma.

Manje uMakhubedu usexolisile kuChiefs kanye nabasebenzi bayo ngamagama awasebenzisile ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yilezi zinkunzi zaseSoweto ngo-2-1 emdlalweni weNedbank Cup.

“Ngiyaxolisa kakhulu,” etshela i-website yeKickOff.

“Ngifuna ukuxolisa kuSihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, uBobby Motaung, ihhovisi leKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ithimba lakhe labaqeqeshi kanye nabadlali.

“Ngifuna ukuthi ngiyaxolisa futhi kuSteve, abadlali nabaphathi. Ngifuna nokuxolisa kuPSL, yiSAFA kanye nabezindaba. USteve usengumuntu ophezulu kunami. Bekungesiyona inhloso yami ukusho lawo magama.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...