Usevumbuke kwenye ikilabhu owayedlalela iDowns neBafana

2018-02-09 16:01

Johannesburg - Owayengumdlali weMamelodi Sundowns uLerato Chabangu usevumbuke eqenjini elidlala ku-ABC Motsepe League iPretoria Callies ngemuva kokushiya iMikhado FC yaseLimpopo.

UChabangu uzodlala ngaphansi kukalowo owayemqeqeshi eqenjini lesizwe lika-Under-20 uSolly Luvhengo, owesule ngenyanga edlule esikhundleni sikamqondisi wethimba labaqeqeshi eqenjini elidlala kuNational First Division, iTshakhuma Tsha Madzivhandila.

Isikhulu seMikhado u-Itani Musandiwa uthi uChabangu usebenze kahle kulesi sikhathi esifushane ekule kilabhu futhi akakhombisanga ukungaziphathi kahle.

Lo mdlali owake wadlalela iBafana Bafana uke wabanezinkinga zokungaziphathi kahle phambilini.

OLUNYE UDABA: Uthungatha ikilabhu owayengumdlali weDowns

"Angikaze ngibenenkinga noLerato Chabangu," kusho uMusandiwa.

"Ngizwe izinto eziningi ezingezinhle ngaye kodwa angikaze ngibone lutho mina."

Umqeqeshi weCallies uLuvhengo ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uzilolonga nabo kanti uzosayina kungekudala.

"Ulapha. Sizomsayinisa.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...