Usevalelisile eMzansi obeqeqesha iPirates

2017-03-07 18:09

Cape Town – Lowo obengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uMuhsin Ertugral, usedalule ukuthi uhlela ukuyishiya iNingizimu Afrika ukuze aqhubeke nekusasa lakhe e-Europe.

Lo mqeqeshi waseTurkey walethwa kuleli ngumphathi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ngonyaka ka-1999 ukuze aqeqeshe iKaizer Chiefs amasizini amathathu ngaphambi kokuba ahlukane naleli qembu.

Ngemuva kwalokho ube eseqeqesha inqwaba yamaqembu akuleli okubalwa kuwo iSantos, i-Ajax Cape Town, iMpumalanga Black Aces (manje esibizwa ngeCape Town City), iGolden Arrows kanti muva nje ubeqeqesha amaBhakabhaka.

OLUNYE  UDABA: IPirates ifuna ukuziphindiselela kwiSuperSport

U-Ertugral wathusa abaningi ngesikhathi esula isigubhukane bukhona kumabonakude kulandela ukubhaxatshulwa kwePirates yiSuperSport United ngo-6-1 kanti kusukela lapho ubelokhu engasebenzi.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-57 ubudala uqinisekise ukuthi uzolishiya elakuleli enkundleni yezokuxhumana, iTwitter kanti lesi sinqumo sesimshiye “nenhliziyo ebuhlungu”.

“Nenhliziyo ebuhlungu ngemuva kweminyaka engu-17 ubudalala enezikhumbuzo ezinhle ngithi nisale kahle, ukuze ngiyoqhubeka nekusasa lami e-Europe,” ubufundeka kanjalo umbhalo enkundleni yezokuxhumana.

Khonamanjalo, i-Ajax ibonge lo mqeqeshi ngeqhaza lakhe ebholeni lakuleli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...