Usethole umsebenzi omusha owayesiza kwiBafana

2017-09-26 11:00

Johannesburg - IHighlands Park isikuqinisekisile ukuthi isiqoke u-Owen da Gama njengomqeqeshi wayo omusha.

Lo mqeqeshi obeyisekela mqeqeshi weBafana Bafana uthatha izintambo kuTerry Mulondzo noLes Grobler kule kilabhu edlala ku-NFD.

UDa Gama – owaphelelwa umsebenzi kwiBafana ngesikhathi kuqashwa uStuart Baxter ngoMeyi – uthweswe umsebenzi wokuba abuyisele le kilabhu kuPSL njengoba idliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.

OLUNYE UDABA: USandilands uxwayisa ngokudembesela

ILions of the North, elele endaweni ka-9 kwiligi ngamaphuzu ayisithupha, izodlala ne-Ubungu Cape Town ngoMgqibelo, mdlalweni wayo olandelayo.

IHighlands Park ibonge uMulondzo noGrobler ngeqhaza ngalo kule kilabhu, yathi kube yisivumelwano sabo bonke ukuba idatshulwe inkontileka. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...