Usethandazela ukutakulwa wuSuthu ongasafuni ukudlalela iPirates

2017-08-25 18:02

Durban - Lingase ligqabuke igoda phakathi kwe-Orlando Pirates no-Ayanda Gcaba oyisitobha sale kilabhu okubukeka engekho ezinhlelweni zethimba labaqeqeshi bale kilabhu eliholwa nguMilton "Micho" Sredojevic waseSerbia.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo encikene kakhulu nePirates ukuthi uGcaba angase ashiye e kilabhu njengoba kuvela ukuthi akaseneme ngokuba yifenisha kuyona. Kuthiwa solokhu kufike abaqeqeshi abasha, uSredojevic nephini lakhe uRhulani "Mourinho" Mokwena, uzizwa engenayo indawo.

Kuthiwa ukhohlwa wukuthi ngisho angadlala ngokuzikhandla ejimini kodwa ngeke bayingene indaba yakhe.

OLUNYE UDABA: Igoloza ukukhulula umdlali iPirates

UGcaba useqiwe yimidlalo eimbili ilandelana etshingwa ezihlweleni njengoba engabonakali ngisho ebhentshini. Le midlalo ngoweBucs neChippa United kanye noweBaroka FC.

"UGcaba akaseneme kwiPirates, uyabona ukuthi ngeke adlale kulaba baqeqeshi yingakho esefuna ukuhamba. Akhona amakilabhu amfunayo kodwa yena ufisa ukuzodlala kumaZulu FC futhi nawo kuthiwa ayamfuna.

"Kodwa-ke konke kuzoncika ekutheni iPirates ithini ngoba usanenkontileka nayo," kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uMike Makaab wakwaProsport International okuyinkampani ephethe izindaba zikaGcaba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...