Usesulile umqeqeshi wePirates, uKjell Jonevret

2017-08-02 13:07

Cape Town – Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, usefake incwadi yakhe yokwesula kulezi zinkunzi zaseSoweto ngemuva nje kwezinyanga ezingu-6, le kilabhu imemezele  kanjalo.

UJonevret waqokwa njengomqeqeshi weBucs ngomhlaka-20 kuFebhuwari – ethatha izintambo ku Muhsin Ertugral – kanti manje esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha ekulesi sihlalo esishisayo usesulile ngemuva kwemiphumela engemihle.

IPirates ikhiphe isitatimende nalapho lo mqeqeshi waseSweden oneminyaka engu-54 ubudala ebonge khona uSihlalo weqembu, u-Irvin Khoza, kanye nabalandeli ngokumnika ithuba lokuqeqesha le kilabhu.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi akayicabangi nokuyicabanga eyokushiya

“Ngingathanda ukubonga ikilabhu ngethuba. Ngeshwa akuzange kuhambe njengoba bekuhleliwe. Ngifisela ikilabhu kanye nabalandeli konke okuhle kwingomuso,” kusho uJonevret.

Amukela incwadi yokusula kaKjell Jonevret, uKhoza uzwakalise ukuqonda kwakhe ngobukhulu bengcindezi elindelekile; umqeqeshi wekilabhu enkulu njenge-Orlando Pirates aba kuyona kusukela ngosuku lokuqala.

“Ngifisela uKjell Jonevret okuhle kwazokwenza kwingomuso,” kusho uDr Khoza.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...