Useshiyile obengumethuli wezinhlelo zemidlalo kwaSABC

2017-08-21 18:00

Johannesburg - UWalter Mokoena uselushiyile uhlelo lokwethula ezemidlalo ku-SABC1 ngemuva kweminyaka engu-19 eyibambile.

Ngokwemithombo engaphakathi, lo methuli ufake incwadi yokwesula kanti uzogcina ukusebenza ngokwethula umdlalo wamanqamu we-MTN8.

Izizathu zakhe zokushiya lo msebenzi wukuthi "ubesenethezeke kakhulu" nokuyinto angayithandi.

"Ngithanda ukubonga umsakazeli womphakathi ngokuba nesandla ekungenzeni lo muntu enginguye namuhla. Ngeke umsebenzi wami uphelele obala ngoba senginenkampani ephethe izindaba zabadlali futhi nginabo abadlali engibaphethe," kusho yena wathi esinye isikhathi uzosisebenzisa ngokuthi asichithe nomndeni wakhe.

OLUNYE UDABA:Useyashiya futhi emsakazweni waseKZN umethuli wezinhlelo kumabonakude

"Amadodakazi ami ayakhula futhi ayangidinga. Ngichithe isikhathi sami esiningi emsebenzini kule minyaka eyedlule kodwa-ke manje sekuyisikhathi sokuthi nginake wona, ngibe wubaba kuwo."

Ngokusho kwakhe, uzojoyina inyuvesi iWitswatersand njengomfundisi wezifundo zezindaba, kubika i-Daily Sun.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...