Usesayine kwelePSL uSteven Pienaar

2017-07-05 16:19

Johhanesburg – Lowo owayengukaputeni weBafana Bafana, uSteven Pienaar, usesayine nompetha be-Absa Premiership, uBidvest Wits.

IWits imemezele lezi zindaba kuTwitter, yathi: “AmaClever Boys ajabule ukwamukela uSteven Pienaar emndenini.”

Le nkakha yomdlali ijoyina labo mpetha be-PSL kanye neMTN8 nje ibisivele ingenankontileka naqembu selokhu yashiya iSunderland ngokuphela kwesizini.

OLUNYE UDABA:UMessi uzokwenza esinye isivumelwano neBarcelona

UPienaar, nowaqala ukudlala ibhola kwi-Ajax Cape Town ngaphambi kokuba ayodlala phesheya kwi-Ajax Amsterdam ngo-2001, kukholakala ukuthi ubehalelwa amaqembu ahlekene kwiPSL, nokubalwa phakathi kwawo iCape Town City, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates.

Lo mdlali oneminyaka engu-16 ubudala usechithe iminyaka engu-16 yokudlala kwakhe ibhola edlala e-Europe – nalapho iminyaka eyishumi eyichithe edlala eNgilandi nalapho ayedlalela khona i-Everton kanye neTottenham Hotspur.

IziTshudeni bezisanda kusayina uDaylon Claasen ngaphambi kokuba ziqale umkhankaso wokuvikela isicoco sazo ngesizini entsha ka-2017/18.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...