Useqalile ukuzilolonga ne-Kaizer Chiefs owayegijima kuChicken Inn FC

2017-07-03 17:57

Durban -  IKaizer Chiefs isiqalile ukuzilolongela isizini ka-2017/18 kanti ngoMsombuluko, abadlali baleli qembu bajoyinwe ngabadlali ababili abasha.

UPhilani Zulu osuka kuMaritzburg United kanye nomdlali waseZimbambwe uTeenage Hadebe obedlalela iChicken Inn F.C.

NgoLwesine odlule, leli qembu belixilonga isimo sempilo yalaba badlali, kanti sebeqalile ukuzilolonga ngokuphelele nabanye ngaphansi kwesandla sikaMqeqeshi uSteve Komphela kanye nomsizi wakhe omusha uPatrick Mabedi.

OLUNYE UDABA:UXulu uthi waphoxeka ekhululwa yi-Chiefs

UPhilani Zulu,28, udlale ngakwesokunxele emuva kanti uHadebe yena, 21 ungumdlali wasesiswini kanti usanda kujoyina iqembu lesizwe.

Bobabili laba badlali basayine izinkontileka zeminyaka emithathu, kanti likhona ithuba lokuyivuselela.

“Sisebenzise ithuba lekhefu ukuqedela izingxoxo zezinkontileka zalaba badlali,”kusho umphathi waleli qembu uBobby Motaung.

UMotaung uqhubeke wathi kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi umqeqeshi nomsizi wakhe banethimba eliqinile elizodlala ngokuzimisela kule sizini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...