Usephumile esibhedlela owayengumdlali weChiefs

2017-08-06 09:00

Johannesburg - Lowo owayengumdlali weBafana Bafana, uMark Williams, usephumile esibhedlela kulandela ukuxinwa ukugula.

UWilliams ungeniswe esibhedlela ngasekuqaleni kwesonto.

ISoccer Laduma ibika ukuthi uWilliams ungeniswe esibhedlela ngemuva kwezinkinga zenhliziyo eziqale ngesikhathi ezilolongela umdlalo wezinkakha.

OLUNYE UDABA:  IChiefs ichithe umgadli obezozama inhlanhla

Ngokwemininingwane, inhliziyo yakhe ibishaya kakhulu kunokwejwayelekile, kodwa lokho sekwelashiwe.

UWilliams ukuqinisekisile kwiSoccer Laduma ukuthi usephumile esibhedlela futhi uyelulalama.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...