Usengumdlali we-Arrows uDikgacoi

2016-10-21 11:31

Durban - IGolden Arrows isiqinisekisile ukuthi isisayinise umdlali owayedlalela iBafana Bafana, uKagisho Dikgacoi, kusho umbiko weKickOff.com.

Lo mdlali usayine naBafana Bes’thende ngemuva kokudedelwa yiqembu laseNgilandi.

I-Arrows ikhiphe isitatimende imemezela ukuthi isicikice isivumelwano senkontileka nalo mdlali.

'Sithanda ukunazisa ukuthi usejoyine iqembu lethu uDikgacoi, sonke siyazi ukuthi unamava njengoba eseke wamela izwe edlalela iBafana. Ukufika kwakhe kuzosiza kakhulu abadlali abasebancane ukuba bafunde kuye.

OLUNYE UDABA: Ikhala ngeholo elifunwa obedlala eNgilandi i-Arrows

“Siyajabula kakhulu njengoba esekhethe ukubuyela ekhaya. Siyamamukela futhi sibheke ukuthi sisebenzisane kahle kakhulu naye,” kusho isitatimende.

Lo mdlali, 31, sekunesikhathi eside ezilolonga ne-Arrows eThekwini kulandela ukushiya iCardiff City.

UDikgacoi washiya i-Arrows ngo-2009 eya phesheya kwezilwandle.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...