Useluleme umdlali we-PSL obengaphilile

2016-10-11 18:02

Cape Town – Kuthiwa useluleme uPrince Nxumalo kulandela ukuxinwa yi-meningitis kanti usebuyele ekuzilolongeni ne-Ajax Cape Town, kusho umqeqeshi uRoger De Sa ngoLwesibili.

Lo mgadli, owaba ngowesibili ngamagoli amaningi ku-PSL ngesizini eyedlule, ubelele esibhedlela izinsuku ezinhlanu kepha manje usebuyele ejokeni, kubika iKickOff.com.

I-meningitis idalwa ukuthinteka koketshezi lomgogodla bese kudaleka ikhanda elinkenkethayo elihambisana nemfiva kulowo emphethe, kanti iyabulala uma ingalashwa ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa inkinga isemsamu kumdlali we-PSL

Lokhu akukona okokuqala uNxumalo, 26, eba nenkinga ephathelene nezempilo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule wangeniswa esibhedlela ngemuva kokuvukwa yisifo sokuwa.

UDe Sa waze waba nokungabaza ukumfaka esikwatini ngoba esabela ukuthi angase aphinde avukwe yilesi sifo esenkundleni.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...