Usekude ukubonakala enkundleni uKhune kulandela ukulimala

2017-11-06 12:30

Cape Town - Ukaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune kubukeka sengathi usazohlala isikhathi eside engadlali ngemuva kokuqinisekiswa kokuthi uphuke ithambo elibusweni ngesikhathi behlula iChippa United ngo-1-0 koweTelkom Knockout ngempelasonto.

Lezi zinkunzi zaseSoweto ziqinisekise lokhu ekhasini likaTwitter, zisho ukuthi uKhune ulimale kabi ebusweni kanti kudingeka ayobonana nodokotela.

Ukungqubuzana kukaKhune noKurt Lentjies kuholele ekutheni lo mdlalo obubanjelwe eNelson Mandela Bay Stadium umiswe imizuzu eyisithupha ngaphambi kokuba la badlali bakhishwe bobabili enkundleni ngohlaka base bephuthunyiswa esibhedlela esiseduzane.

OLUNYE UDABA: Ngiphelelwa amazwi okuchaza le nto eyenzekile - Khune

Ngemuva kokuphela komdlalo iChiefs ibe isikhipha eminye imininingwane ngokulimala kukaKhune, yaveza ukuthi ushayeke kabi ngaphezu kweso.

Amakhosi adlulele kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ngegoli likaBernard Parker elibe yiphenathi ayishaye ngesiwombe sokuqala.

IChiefs izobhekana neBidvest Wits eBidvest Stadium ngempelasonto yangomhlaka-18 no-19 Novemba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...