Usejoyine iqembu laseKapa umdlali wePirates

2017-08-31 16:01

Cape Town – I-Ajax Cape Town isikuqinisekisile ukuthi isisayine umdlali wasemuva, uTercious Malepe, ngesivumelwano sokubolekisa sesizini evela ezinkunzini zaseSoweto, i-Orlando Pirates.

UMalepe ungumdlali weBafana Bafana njengoba eseke wamela iNingizimu Afrika emidlalweni yomqhudelwano we-COSAFA Cup wangonyaka ka-2016 kanye no-2017.

Uphinde waba yingxenye yesikwati ebesiqeqeshwa umqeqeshi uStuart Baxter sokuhlungela imidlalo ye-2018 African Nations Championship, kanye nozakwabo omusha kwi-Ajax, uMasilake Phohlongo kanye noRoscoe Pietersen.

OLUNYE UDABA: Ifu elimnyama eNaturena kudlula emhlabeni omunye wabaqeqesha iChiefs

Ngaphezu kwalokho, lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala usekhombise ukuba nekhono lokuhola njengoba eseke waba ngukaputeni weqembu lika-U20 kanye no-U23 kumqhudelwano we-U20 Africa Cup of Nations kanjalo nakumqhudelwano wabancane we-World Cup eSouth Korea ngaphambilini ngo-2017.

Lo mdlali waqala kanye nozakwabo odlala emuva kwesobunxele, uRivaldo Coetzee, kumqhudelwano wemidlalo yama-Summer Olympic eBrazil ngonyaka odlule. Ngesikhathi esekuma-Sea Robbers, lesi sitobha sahluleka ukuthola isikimu eqenjini elikhulu kanti sichithe isikhathi esiningi sidlala ibhola kwi-MultiChoice Diski Challenge.

Kodwa-ke, ukuya kwaso kwi-Ajax kubukeka kuzosinika ithuba lokuthi sidlale eqenjini elikhulu.

UMalepe kungenzeka ukuthi adlale uma ngabe i-Ajax  isibhekene neBucs emdlalweni wePremiership. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...