Usejoyine i-Orlando Pirates obengumphathi wePSL

2017-06-29 14:01

Johhanesburg – Lowo owayeyi-Menenja Jikelele yePremier Soccer League (PSL), uDerek Blanckensee, usethathe umsebenzi wokuba ngumphathi kwi-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.

I-PSL yahlukana ngezindlela noBlanckensee ngoSepthemba wangonyaka odlule ngenxa "yamaphutha okuphatha emnyangweni wakhe ekuqhutshweni kohlelo lokubhalisa".

OLUNYE UDABA: UHlatshwayo uzidlele amahlanga kuma-awards abeBidvest Wits

Kodwa-ke lesi sikhulu esasikuBidvest Wits sesijoyine iBucs, neqede isizini ka-2016/17 ingaphandle kwamaqembu angu-8 aphezulu kwiligi okokuqala ngqa emlandweni we-PSL.

“Sengijoyine iqembu kodwa kuphela njengomluleki ekuphatheni,” kusho uBlanckensee.

Kwenzeka lokhu nje abaphathi bePirates basabuyekeza umsebenzi womqeqeshi, uKjell Jonevret, nowajoyina leli qembu ngoFebhuwari, ngemuva kwesizini ephoxile. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...