Usejoyine i-Ajax owayedlalela iSundowns

2017-08-10 12:31

Cape Town – I-Ajax Cape Town isimemezele ukuthi isiphinde yasayina omunye umdlali odlalela iqembu lesizwe eNigeria, u-Ejike Uzoenyi, nosayine isivumelwano seminyaka emine e-Ikamva.

Lo mdlali owayedlala kwi-2014 African Nations Cup (CHAN) eyayibanjelwe eNingizimu Afrika, waphinde waba yingxenye yeqembu lama-Super Eagles elahlungelwa iFIFA World Cup eBrazil ngonyaka ofanayo.

OLUNYE UDABA: Ubuyela emuva umgadli obekulindeleke asayine kwiPirates

Ngemuva kokuzenzela igama edlalela amaqembu asezweni lakhe, i-Enyimba kanye ne-Enugu Rangers, Uzoenyi wajoyina ikilabhu yaseFrench, iRennes, ngaphambi kokuba azodlala ngokugcwele eNingizimu Afrika, ngemuva nje kancane komqhudelwano we-CHAN wangonyaka ka-2014.

U-Uzoenyi ubengasitholi kahle isikimu kwiMamelodi Sundowns kanye  neBidvest Wits, nawine nayo i-Absa Premiership ngesizini edlule, ngenxa yokulimala kanti unethemba lokuthi ukubuyela eMother City kuzoza noshintsho.

Lo mdlali odle ngokuhlasela wavalela enethini amagoli amabili eCape Town Stadium ngesikhathi iNigeria ibhaxabula iNingizimu Afrika maqede yayikhipha emqhudelwaneni we-2014 CHAN, nokuyinto eyaholela ekutheni lowo owayenguNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, ashiye angalazi kwiBafana Bafana, eyibiza ‘ngezehluleki’.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...