Usebuyele emsebenzini umqeqeshi wele-PSL owangeniswa esibhedlela

2017-03-15 18:00

Cape Town – Usebuyelile emsebenzini umqeqeshi weChippa United, uDan Malesela, kulandela ukuxinwa ukugula okwaholela ekutheni angeniswe esibhedlela.

UMalesela uyena ozobe ehlezi ebhentshini uma ngabe ezakhe sezibhekene neWitbank Spurs emdlalweni womqhudelwano iNedbank Cup. Lo mdlalo uzoba senkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay Stadium.

UMalesela wangeniswa esibhedlela ngesonto eledlule nalapho kwakuqagulwa khona ukuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo.

Kodwa-ke okhulumela le kilabhu, uLuthando Zibeko, uthi isimo somqeqeshi besingesibi njengoba kwabikwa.

OLUNYE UDABA: Owayeqeqesha iPirates usevumile ukuthatha iBafana - Umbiko

“Bekungelutho kodwa yinkinga yeqolo,” uZibeko utshele iphephandaba iThe Star.

“Odokotela bathi udinga izinsuku eziyisikhombisa engasebenzi ukuze alulame. Futhi yilokho akwenzile. Simunikile izinsuku eziyisikhombisa engasebenzi.

“Useqalile ukusebenza nabadlali futhi ngingabaqinisekisa abalandeli uzoba semdlalweni wangoLwesithathu.”

Kodwa-ke uZibeko uthi ngeke balenze iphutha lokuthatha kancane iqembu elidlala esigabeni seNational First Division, iSpurs, njengoba sebeke bashaywa kabili amaqembu asezigabeni eziphansi kuNedbank Cup.

“IWitbank Spurs iyiqembu eliqinile. Umqeqeshi uMalesela ulazi kahle. Asikwazi ukuhlulwa yiqembu elisesigabeni esiphansi,” kusho uZibeko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...