Usasesibhedlela umqeqeshi weqembu le-PSL - Umbiko

2017-05-19 11:00

Durban - Izindaba ezimbi ngomqeqeshi weqembu lakwaKwaZulu-Natal iThanda Royal Zulu, uRoger Sikhakhane, ngezokuthi usagcinwe esibhedlela njengoba engakelulami ngokugcwele.

USikhakhane usize iThanda yabuyela ku-PSL, kulandela ukudlala kahle kwayo kwi-NFD ngesizini ka-2016/17.

IThanda yehlulwe emidlalweni emibili kuphela emidlalweni engu-30 kule zizini.

Iqembu lase-KZN liqoqe amaphuzu angu-62 njengoba linqobe imidlalo engu-17 ladlala ngokulingana kwengu-11 ngaphansi kwesandla sikaSikhakhane.

OLUNYE UDABA: Inhlokomo kuTwitter iWits ithatha eseligi

Kodwa injabulo yokubuyela ku-PSL iphazanyiswe ukugula kukaSikhakhane, njengoba kumanje ethola ukwelashwa esibhedlela.

“Umqeqeshi usesibhedlela. Ubengazizwa kahle. Esingakwenza njengamanje ukumfisela ukwelulama okusheshayo,” kusho umthombo osondelene noSikhakhane utshele iSiya crew.

USikhakhane wayengekho ngesikhathi iThanda inikwa inkomishi yesicoco se-NFD ngeSonto eledlule eSugar Ray Xulu Stadium.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...