Usasayine kuCape Town City obedlalela iSundowns

2017-07-12 09:35

Cape Town - ICape Town City isimemezele ukuthi isisayine lowo owayengumdlali weMamelodi Sundowns odlala esiswini, uTeko Modise, kubika iKick Off.

UModise, nosayine inkontileka yeminyaka emibili neCitizens, ujoyine le kilabhu evele engesenaqembu ngemuva kokuthi eshiye iSundowns ngemuva kokuphela kwesizini edlule.

OLUNYE UDABA: UModise uqinisekise ukuthi uzoyishiya iSundowns

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala uchithe iminyaka eyisithupha nesigamu kumaBrazilians kulandela ukusayina kuleli qembu evela kwi-Orlando Pirates.

UModise wawina iligi kabili, iNedbank Cup, iTelkom Knockout kanjalo ne-CAF Champions League kanye neSuper Cup nezikaPitso Mosimane.

Ngaphezu kwalaba badlali, iCity iphinde yasayina no-Ayanda Patosi, iLyle Lakay kanye neJeitoso ngaphambi kokuba kuqale isizini ka-2017/18 njengoba iphezu komkhankaso wokuthi ithathe izicoco ezintsha ngaphansi komqeqeshi omusha wale kilabhu, uBenni McCarthy.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...