USangweni usemenyezelwe njengokaputeni weChippa

2016-08-17 12:38

Johannesburg – Iqembu elizinze ePort Elizabeth, iChippa United, isiveze ukuthi iqoke umdlali wasesiswini uThamsanqa Sangweni ukuba abe ngukaputeni wayo njengoba kuzoqala isizini entsha.

Lesi simemezelo sizoke sithi ukuthulisa amahlebezi athi lo mdlali owake wadlalela iMamelodi Sundowns usefuna ukuhamba kumaChilli Boys.

OLUNYE UDABA: I-Chippa United isimanqikanqika ngokuthatha uMasuku

Isitobha esingesokudabuka eNigeria, uJames Okwuosa, sizoba ngumsizi kaSangweni, kubika iKickOff.com.

IChippa izodlala umdlalo wayo wokuqala wesizini ka-2016/17 neFree State Stars eNelson Mandela Bay Stadium ngomhlaka-23 Agasti.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...