USangweni akakafinyeleli ezingeni esilifunayo - Micho

2018-03-26 16:00

Cape Town - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uveze ukuthi uThamsanqa Sangweni akadlali ngendlela efunekayo kule kilabhu.

Lo mdlali wasesiswini wasayiniswa yilezi zinkunzi zaseSoweto esuka kwiChippa United ngaphambi kokuqala kwesizini, kepha kunzima ukuthola ijezi, njengoba esabonakale emidlalweni emithathu nje vo ye-PSL.

Ngokusho kukaSredojevic, lokhu kungashintsha uma engakhuphula amasokisi.

"Ungomunye wabadlali basesiswini ababanga ijezi," kusho lo mqeqeshi odabuka eSerbia etshela iGoal.com.

OLUNYE UDABA: Inkakha ithi ukufika kukaSangweni kuphendule imithandaza yabaningi

"Uma esedlala ngokwezinga elamukelekile kule kilabhu, uzobe esethola ithuba lokuqala imidlalo.

"Okwamanje, konke kusezandleni zakhe ekutheni alwele indawo yakhe."

IPirates njengamanje ilele endaweni yesibili kwilog ye-PSL, ilandela ngemuva iMamelodi Sundowns, enomdlalo owodwa esandleni, ngephuzu elilodwa.

EzikaMagebhula zizobuyela ejokeni uma sezigadulisana neBloemfontein Celtic ngoLwesithathu, mhlaka-4 Ephreli, e-Orlando Stadium.

Uma uSangweni engabonakali kulo mdlalo, kuyosho ukuthi sekuphele izinyanga ezine engabonakali emidlalweni yekilabhu yeligi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...