USandilands uxwayisa ngokudembesela

2017-09-23 13:33

Johannesburg - Unozinti we-Orlando Pirates uWayne Sandilands ugcizelele elokuthi kumele bangazikhohlisi bazitshele ukuthi konke sekuhamba kahle kulandela ukuqala kahle kwabo isizini.

IBhakabhaka alikehlulwa emidlalweni yalo emihlanu yokuqala kwesizini, njengoba lisanqobe emithathu ladlala ngokulingana kwemibili, futhi ihlezi endaweni enhle kwilogi okwamanje.

USandilands ubalule ukuthi, nakuba imiphumela ivuna bo okwamanje, ngesizini edlule baqala kahle futhi, ngakho akumele basheshe bajabule.

OLUNYE UDABA: IPirates ithungatha umgadli wokufika

“Kuhle ukuqala kahle njengoba senzile kodwa siyazi ukuthi kusayisiqalo, futhi usemningi umsebenzi okumele wenziwe, ukhalo luselude,” kusho uSandilands kwi-KickOff.com.

“Sifuna ukusebenza ngokuzikhandla silokhu senza kangcono. Ngicabanga ukuthi ngesizini edlule sasisendaweni enhle futhi ngalesi sikhathi, ngakho akumele sidembesele, ngale kwalokho kuzophindeka okwenzeka.” 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...