USandilands ufuna iPirates iphendule amatafula

2017-09-29 11:04

Johannesburg - Unozinti we-Orlando Pirates uWayne Sandilands uthi bazimisele ngokuphendula amatafula uma sebedlala nePolokwane City kulandela ukwehlulwa kwabo okukuqala kule sizini emdlalweni odlule.

IBhakabhaka lizovakashela iRise and Shine ngemuva kokwehlulwa ngo-1-0 yiBidvest Wits ngempelasonto edlule kowe-Absa Premiership.

USandilands uyavuma ukuthi ukwehlulwa bekuzogcina kwenzekile khona, kanti umdlalo wabo neCity uwubona njengobaluleke kakhulu kubona ukuze babuyele emgqigqweni omuhle ngaphambi kwekhefu lemidlalo yamaqembu esizwe.

“Ngicabanga ukuthi sasithola isexwayiso sokuthi kuzoba nezinselelo ngokuqhubeka kwesizini, futhi luselude ukhalo,” kusho uSandilands.

OLUNYE UDABA: Izinkunzi zaseSoweto zisayine umgadli omusha

“Ngemuva kokwehlulwa kwethu sababuhlungu kakhulu, kodwa noma kunjalo siyazi ukuthi lena kuzoba yisizini enhle, nakuba  zizobakhona izihibe lapha nalaphaya.

Uqhube wathi bayakwazi abazobhekana nakho emdlalweni wabo nePolokwane City kodwa kukubona ukuba ukwenza kahle, ikakhulukazi ngaphambi kwekhefu leFifa.

Umdlalo uzobase-Old Peter Mokaba Stadium kanti kulindeleke uqale ngo-20:15 ngoMgqibelo.

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-39 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...