Usamangele namanje uSangweni ngokwenziwe uMbalula

2016-05-09 13:34

Durban - Usamangele namanje owayengumdlali we-Orlando Pirates, uSiyabonga Sangweni, ngokuqokwa kwakhe uFikile Mbalula ukuba yinxusa lomkhankaso wezinhlelo sokufukulwa kwezemidlalo ezindaweni zasemakhaya owethulwe e-Eastern Cape.

USangweni uthathe umhlalaphansi kulandela ukuyalelwa ngodokotela ukuba aliyeke ibhola ngenxa yokuhlushwa yidolo, kubika iphephandaba iLANGA.

Funda nalolu daba: IDonws izimisele ngokuqinisa isikwati

USangweni uthi usezogxila ezinhlelweni zokufukula intsha nangokuyicebisa ngebhola lezinyawo.

Uthi ubengakulindele nakancane ukuqokwa uMbalula kulo msebenzi.

“UMbalula ungitshele ukuthi ungiqoke ngoba ngiwumuntu odabula endaweni yasemakhaya. Uthi ubone ukuthi ngizokwazi ukusiza intsha yasemakhaya ngoba sikhuluma ulimi olulodwa.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...