URoger De Sa uthi ufuna abadlali abasha azoqinisa ngabo ikilabhu

2018-01-08 18:00

eThekwini - Umqeqeshi wePlatnum Stars uthi ufuna ukuthenga abadlali abasha azokwazi ukuqinisa ngabo iqembu lakhe, njengoba selivuliwe iwindi lokuthenga nokubolekwa kwabadlali.

URoger De Sa uthe iqembu lakhe selithenge abadlali ababili selokhu livuliwe iwindi lokuthengwa kwabadlali.

IDikwena ithenge umdlali wasesisweni uManti Mekoa kanye nomgadli uLetsie Koapeng.

Laba badlali babonakale emdlalweni wabo wokuqala naleli qembu ngesikhathi bedliwa yi-Cape Town City ngo-1-0 ngoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA: USuthu lugxeke amahlebezi 'ngeBhele'

UDe Sa uthi ukuthuthukisa iqembu lakhe kuzokubasiza bakwazi ukuncintisana kahle namanye amaqembu ku-PSL.

"Sesifikile isikhathi sokuthenga nokudedelwa kwabadlali, kumele silisebenzise leli thuba. Mhlawumbe sizothenga abadlali abathathu noma abane abazosijoyina.

"Sizoqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa ibhola esilidlalayo futhi sakhe nohlelo olucacile," kusho yena.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...