URob Hutting ucela ukunikwa ithuba njengoba esanda kuqokwa yiChiefs

2018-01-11 12:30

Johannesburg - Umeluleki omusha wethimba labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uRob Hutting, ucele ukuba abalandeli bekilabhu bangamehluleli engakaqali nokusebenza.

UHutting wethulwe kwabezindaba okukoqala eNaturena ngoLwesithathu, kulandela ukuqokwa kwakhe kungalindelekile ngoLwesibili.

UHutting ufike kwiChiefs nerekhodi elingajwayelekile, njengoba agcina ukuqeqesha emazingeni aphansi eGermany ngo-2006, nokwenze wacelwa ukuba enabe ngesipiliyoni sakhe.

Nakuba kunjalo, uHutting ongowokudabuka eNetherlands uzivikele ngokushesha, wathi akayona i-internet, ngaphambi kokuba acele ukuba anikezwe izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba abuzwe lo mbuzo futhi njengoba esafuna ukuzibonakalisa.

“Ningazikhethela – nifuna ukuqeqeshwa yi-internet noma umqeqeshi owaziyo umsebenzi? Ngokwami ukubona, nibuze kahle, kodwa kungakuhle kakhulu uma ningaphinde ningibuze lo mbuzo ngemuva kwezinyanga ezintathu,” kusho uHutting.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs izimisel engokusayinisa abanye abadlali'

“Engikufunayo nje ukusiza ukufezekisa izifiso esinazo. Engifuna ukunicela khona, ukuba ningayibulali ingane ingakazalwa.”

Uthe iChiefs ifuna amava akhe nokuyinto ayilethile, akezanga lapho ukuzochaza ukuthi lidlalwa kanjani ibhola e-Europe, kodwa uzosiza.

Imenenja jikelele yeChiefs uBobby Motaung iphinde yayichitha imibiko ethi uHutting unikwe lesi sikhundla ngemizamo yokumcabela indlela ebheke kwesokuqeqesha, kwazise inkontileka kaSteve Komphela izophelelwa yisikhathi ekupheleni kwenyanga kaJuni.

UHutting usayiniswe inkontileka yezinyanga eziyisithupha, esangavuselelwa ngokuhamba kwesikhathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...