UPitso uyaziqhenya ngabadlali beSundowns ngokuwina i-CAF

2016-10-24 11:31

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uthi ayikho into emnandi njengokunqoba isicoco seCAF Champions League ezweni lase-Egypt.

EzikaMosimane ziye emlenzeni wesibili we-CAF Champions League sezivele zihamba phambili ngamagoli ngo-3-0, zishiya iqembu lase-Egypt, iZamalek.

AmaBrazilians athwale kanzima kulo mdlalo njengoba inkundla ibigcwele phama abalandeli abangu-60 000 kanti iningi labo bekungabeZamalek.

OLUNYE UDABA: I-Sundowns ethubeni lokuthola u-R22m

UNozinti weDowns, uDennis Onyango, kudingeke ukuba akhishwe ngesiwombe sokuqala kulandela ukulimala kanti indawo yakhe ibe isithathwa nguWayne Sandilands.

“Ngiyaziqhenya ngabafana bami, ukudlala okukuqala phambi kwezihlwele ezingaka… futhi siwine inkomishi,” kusho uMosimane engeza ngokuthi bekunzima ukudlala kule nkundla ebigcwele kanje wathi kodwa kubafanele ukuphakamisa isicoco.

Manje iSundowns isizodlala kumqhudelwano we-FIFA World Club Cup ngoDisemba nalapho bengase babhekane khona namaqembu afana neReal Madrid. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...