UPitso uthi wayenzela umusa iChiefs ngoCastro

2018-01-25 12:30

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi akanayo inkinga noma angakora uLeonardo Castro uma esedlala nabo ngoMgqibelo, uthi uyenzele umusa iKaizer Chiefs ngokuyinikeza lo mdlali.

UCastro usayine kwiChiefs esuka kumaBrazilians, ngenkontileka yeminyaka emibili ekupheleni kukaDisemba, ngaphambi kokuba inkontileka yakhe iphelelwe yisikhathi ngoJuni nonyaka.

OLUNYE UDABA:  UNgoma uzimisele ngokuzakhela umlando kwiDowns

Umgadli waseColombia uthe eqala nje ukudlala wabingelela abalandeli ngegoli, ngesikhathi iChiefs yehlula iBaroka ngo-2-1 ngempelasonto edlule.

UMosimane uthi kube yisinqumo sakhe ukuvumela uCastro ajoyine iqembu likaSteve Komphela ebonisa isihe anaso. Ngakho ngeke kube buhlungu uma lo mdlali eshaya igoli ngoMgqibelo ebusuku.

“Ngicabanga ukuthi uSteve uyajabula ngoba ngimnikeze uLeo, bengingaphoqelekile. Bengingamgcina ukuba bengifuna,” kusho uMosimane ngaphambi komdlalo ongempelasonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...