UPitso uthi uLebese sisamhlula isitayela seDowns, usajwayele eseChiefs

2017-12-06 19:34

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi uGeorge Lebese kumthatha isikhathi eside ukujwayela eChloorkop njengoba amaBrazilians ehlasela ngendlela eyehlukile kuneKaizer Chiefs.

ULebese ukuthola kunzima ukuthola ijezi selokhu amangaza abaningi ejoyina iSundowns ngo-Agasti ngemuva kweminyaka engu-9 ekwiChiefs.

Lo mdlali ungene ngomzuzu ka-67 endaweni kaSibusiso Vilakazi emdlalweni abawunqobe ngo-4-0 beshaya iBaroka ngoLwesibili ebusuku, kanti besekuphele imidlalo emithathu engadlali.

Emdlalweni agcina ukuwudlala, uLebese wangena endaweni kaThokozani Sekotlong koweTelkom Knockout behlulwa yi-Chippa United kodwa futhi wakhishwa ungakapheli umdlalo.

OLUNYE UDABA: UParker uthi balindele ukuba iChippa ifune ukuziphindiselela

UMosimane uthe uthathe isinqumo sokumnikeza imizuzu embalwa uLebese bedlala neBakgaga ukuze ezobuyelwa ukuzethemba.

"Ukhombise ukulibamba kahle ibhola,” kusho 'uJingles' ekhuluma ngoLebese.

UPitso ukuthi kuyasiza kwesinye isikhathi ukunikeza ijezi abadlali abangajwayele ukudlala uma usuwina.

UMosimane ubalule ukuthi isitayela seDowns akasibambi ngokushesha uLebese kwazise usajwayele eseChiefs abesedlale kuyona iminyaka eminingi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...