UPitso uphendule umdlali othe iSundowns inwabuluka kakhulu

2017-08-24 18:02

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usephendule umdlali wePolokwane City, uRodney Ramagalela, ngokuphawula kwakhe kokuthi abadlali basemuva bamaBrazilians banwabuluka kakhulu.

Lo mgadli owayedlalela iSundowns, uRamagalela, uvalele enethini amagoli amabili ngesikhathi iPolokwane City  ishaya labo mpetha base-Afrika ngo-2-1 ngoLwesibili, ngaphambi kokuba enze lokhu kuphawula ngaleli qembu ayelidlalela ngemuva komdlalo.

OLUNYE UDABA: Selinomqeqeshi omusha iqembu lePSL

“Kuhlale kuwumuzwa omnandi ukushaya igoli udlala neqembu owawulidlalela yize noma bengingalindele ukushaya amagoli amabili,” uRamagalela ucashunwe esho kanjalo yiSowetanLive.

“Bengihlale ngazi ukuthi ngizoshaya igoli ngidlala nabo ngoba ngilufundile udonga lwabo nolunwabuluka kakhulu. Ebengikwazi ukuthi ngiyashesha kunabo ngoba bayanwabuluka,” usho kanjalo.

Kodwa-ke uMosimane ube eseziphendulela kulokhu, wathi: “Ushaye amagoli amabili futhi uyiqhawe eqenjini lakhe. Muyekele ajabule.

“Bekufanele ahlose lokhu ngesikhathi esenathi,” kusho lo mqeqeshi owayeqeqesha iBafana Bafana.

Ngemuva kokuthola induku, manje iSundowns isihleli endaweni yesihlanu kwi-log ye-Absa Premiership ngemuva kokuqoqa amaphuzu amathathu emidlalweni yayo emibili. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...