UPitso ulungiselela ukuhamba kwezethenjwa zeDowns

2017-11-22 11:01

Pretoria - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane useqinisekisile ukuthi abagadli bakhe ababili okunguKhama Billiat noLeonardo Castro kulindeleke ukuba bayishiye ikilabhu uma kuphela isizini.

UBilliat noCastro bobabili basezinyangeni zokugcina zezinkontileka zabo, kanti kulindeleke ukuba bathole amadlelo aluhlaza ngemuva kokuthi izingxoxo nekilabhu zifinyelele kwangqingetshe, kubika iKickOff.com.

UCastro ubonakale engalitholi ijezi njengoba eqale imidlalo eyisikhombisa vo ezinyangeni ezingu-12, njengoba uMosimane ezama ukukhipha lo mdlali odabuka eColombia ezinhlelweni zakhe.

Khonamanjalo, uBilliat ungene ngomzuzu ka-30 ngoLwesibili ebusuku wafaka amagoli amabili ngesikhathi iDowns inqoba ngo-2-0 kowe-Absa Premiership ishaya iBidvest Wits edonsa kanzima kulezi zinsuku.

OLUNYE UDABA: UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

UMosimane kuthiwa uthungatha abadlali abazovala isikhala salaba abahambayo eSouth America ngemizamo yokuthi singabonakali isikhala se'CBD'.

"Ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukuvumelana nabantu baseSouth America ngala badlali esibafunayo, kepha akulula," kusho uMosimane.

"UKhama uyashiya, kanjalo noLeo. Lokho kusho ukuthi sekuphelile nge'CBD', sekumele siqale into entsha yingakho kubalulekile ukuthi siguqule ikilabhu."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...