UPitso ukhale ngonondweba bekhishwa koweCaf

2017-09-26 16:02

Durban - Ubambe igqubu uPitso ‘Jingles’ Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ehluleke yancama ukuvikela isicoco sayo seCaf Champions League ikhishwa yiWydad Casablanca yaseMorocco sekukhahlelwa amaphenathi, kubika ILANGA.

La makilabhu abambane ngo-1-1 uma sekuhlanganiswa amagoli emilenze emibili njengoba iDowns inqobe ngo-1-0 ekhaya kodwa yahlulwa ngomphumela ofanayo ngoMgqibelo ebusuku ekuhambeni.

IDowns idliwe ngo-3-2 wamaphenathi okwenze iCasablanca yadlulela emidlalweni eyandulela eyamanqamu.

UMosimane ukhale ngonondweba obephethe umdlalo womlenze wokuqala obenguSonto eledlule kuleli.

Uthi yikulo mdlalo lapho bethenwe khona amandla bevinjwa ngunondweba ukushaya amagoli amathathu.

Ngesikhathi evusa leli gqubu uMosimane, izintatheli zaseMorocco zizwakale zimhleka, zithi lezi zinqumo akhala ngazo zazingaphikisi amabhola ayengene enethini.

Bezithi ukujajwa kukaPercy Tau ukuthi ubesendaweni engafanele kakusho ukuthi wayezowahlohla phakathi lawo magoli.

OLUNYE UDABA: Ibhange lingase lidle imoto yemenenaj yeChiefs

UMosimane uphendule wathi: “Kodwa-ke kakumele uvinjelwe kungafanele ithuba lokuhlohla amagoli. Lawo mathuba ayengenza umphumela ushintshe kulokhu okuyikhona njengamanje. Ngisakhala kakhulu ngawo. Nokho ngiyayibongela iCasablanca.”

Lo mqeqeshi uthi bangene kulo mdlalo bengenalo ngisho oluncane uvalo lokwehlulwa njengoba bengene enkundleni behlasela.

Uthi iCasablanca isebenzise isicathulo kulo mdlalo njengoba ibidlalisa kabi abadlali bakhe.

“Kuyinto embi ukuthi izingqwele ziphume ngalolu hlobo. Nokho umphumela ngiyawemukela. Ibhola linjalo,” kusho uMosimane ezakhe esezizophinda zibuyele kulo mqhudelwano njengoba kuphele isizini edlule zilele endaweni yesibili emuva kokuba iBidvest Wits ihlwithe indebe ye-Absa Premiership.

Ngokuphuma kulesi sigaba sama-quarter final, iSundowns kulindeleke ukuba ithole imali ephakathi kuka-R4m kuya ku-R6m.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...