UPitso ukhala ngokulaxazwa ojoyine iPirates

2017-08-17 12:32

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundown, uPitso Mosimane, usezwakalise ukuphoxeka kwakhe ngokulahlakelwa ngobengumsizi wakhe, uRulani Mokwena, nogcine ejoyine i-Orlando Pirates.

UMokwena, noyindodana ka-Julius "KK" Sono, umshana kaJomo Sono, futhi ongumzukulu ka-Eric Sono, futhi obethathwa njengowasebukhosini kwi-Orlando Pirates, wajoyina lezi zinkunzi zaseSoweto ukuze azosebenzisana nomqeqeshi omusha, uMilutin Sredojevic.

Ezingxoxweni nabezindaba kusukela kwahamba uMokwena, uMosimane wathi ubengeke ame endleleni kaMokwena nokuthi avimbe indlela yakhe ebheke kwiBucs.

Manje lo mqeqeshi wamaBrazilians usezwakalise ukuthi wazizwa enzelwe phansi ngokushiya isigubhukane kwalo mqeqeshi, wathi uMokwena bekufanele amunikeze isexwayiso esinobulungiswa kuqala.

OLUNYE UDABA: IPirates isayinise obeyisekela likaPitso Mosimane

“Ngicabanga ukuthi kwakufanele angixwayise, ngoba wayazi mhlawumbe ekupheleni kwesizini ukuthi uyashiya,” uMosimane ucashunwe esho kanjalo yi-website yeSowetanLIVE.

“Anginabo abafana abalanda ibhola abangabasizi babaqeqeshi. Ubeneqhaza elithile. Manje kufana nokuthi uyangilaxaza… yilokho okungiphoxile, futhi ngimtshelile ubuso nobuso. Ushiye isigubhukane ekubeni ubengangitshela ngaphambilini.”

Kodwa-ke uPitso ufisele inhlanhla uMokwena emsebenzini wakhe omusha. “Sengiligijimile ibanga lami futhi isikhathi sokuthi agijime elakhe. Ufune ukuya khona (kwiPirates) ngenxa yezizathu zomndeni futhi ngiyakuhlonipha lokho. Angikwazi ukubambelela kuyena ngenxa nje yokuthi ngamkhuphula (esuka eqenjini lentsha eya eqenjini elikhulu).”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...