UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

2017-08-14 11:04

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane kubukeka ekulungele ukuqhubeka nokuqinisa imizamo yokuthola umgadli uJeremy Brockie ngemuva kokuvuma ukuthi alicacile ikusasa likaKhama Billiat eChloorkop.

Ngeledlule kubikwe ukuthi iSupperSport United ichithe isiphakamiso esisha esibekwe etafuleni yiSundowns, ngenxa yokuthi uBrockie usezinhlelweni zika-Eric Tinkler, kubika iKickOff.com.

AmaBrazilian asayinise abadlali abadumile ngaphambi kokuqala kwesizini, ikakhulukazi u-Oupa Manyisa noGeorge Lebese, bobabili abadlalile ngesikhathi ihlulwa yiMaritzburg United koweMTN8 ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Ishaywe ngoswazi oluncane iKaizer eThekwini

Kodwa, izingxoxo noBilliat ngesivumelwano esisha zihamba kancane, nokwenza uMosimane afune ozovala isikhala salo mdlali waseZimbabwe uma elishiya leli qembu.

“Sifuna ukuthola omunye umdlali waphambili ukuze sizilungiselele, uma kwenzeka uKhama ehamba,” kusho uMosimane.

“…uyamazi umgadli engimfunayo. Ngiyethemba ukuthi ngizomthola [Brockie] kodwa kunzima…kunzima kakhulu.” 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...