UPitso nomyalezo osuka ekujuleni kwenhliziyo kuBaxter nezakhe

2017-10-07 09:36

Cape Town - UPitso Mosimane usethumele umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, kanye nabafana bakhe umyalezo osuka enhliziyweni njengoba beya emdlalweni omqoka wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 neBukina Faso.

IBafana izobehakana naleli qembu lasentshonalanga ye-Afrika ngoMgqibelo ntambama e-FNB Stadium ngo-15:00.

"Ebholeni kungenzeka noma yini kanti futhi ngizibonile izinto zenzeka, ikakhulukazi lapho kusuke sekuvalwe khona amehlo," kusho lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns.

"Siyizwe elimangalisayo ngakwezebhola lezinyawo kanti futhi sekukuningi okuhle esikwenzile. Sineqembu elinohlonze elizokwazi ukusifikisa kwiNdebe yoMhlaba. Kumele silisebenzise kahle leli thuba silungiselele imidlalo yokuhlungelwa i-CAF Cup of Nations.

OLUNYE UDABA: Ingase ibe sehlazweni iBafana

"Akumele sibuke okwenzeka phambi kwamehlo ethu kuphela, kepha kumele sibe nombono njengamihla yonke. Kumele sizinikele ngakho konke esinakho siqikelele futhi ukuthi asibhidlizi yonke into uma singafinyelelanga kweyeNdebe yoMhlaba."

UMosimane unanele ngokuthi: "Ukubekezela, isibindi kanye nokuzethemba, yikhona esikudingayo njengamanje. Kumele sidlale ngezikhwepha singakhathazeki ngemiphumela, ngoba uma senza njalo nakanjani kukhona okuzolunga.

"Thina sinalowo mbono kuMamelodi Sundowns kweyeChampions League yingakho sila sikhona. Asikwazanga ukuyivikela le nkomishi kepha kumele siqinisekise ukuthi ekhaya sidlala ibhola elizosiphindisela kule midlalo.

"Ngithanda ukufisela uStuart nabafana okumhlophe."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...