UPitso akaliphonsi ithawula ngesicoco seligi

2017-04-20 17:59

Pretoria – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uthi amathemba akhe okuthatha isicoco seligi angeke aze ashabalaliswe ukuthi amaBrazilians ashaye udaka kweminye yemidlalo yawo ekade iwasalele esandleni.

Phezu kokudlala imidlalo eyisithupha ngaphandle kokuwina, amaBrazilians ahlule izimbangi zawo ezinkulu nezingomkhaya, iSuperSport United ngo-1-0  emdlalweni we-Absa Premiership obusenkundleni yezemidlalo, iLucas Moripe Stadium nokube umdlalo wesithathu awunqobe kulandelana.

UHlompho Kekana uyena otakule lezi zinkunzi zasePitoli ngegoli alivalele enethini ngesiwombe sesibili nokwenze labo mpetha beligi bawina okwesibili kuMatsatsantsa ezinsukwini eziyisikhombisa kulandela ukunqoba kwabo ngo-5-0 ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: ISuperSport ifuna ukubuyisa izinduku zika-5-0 kuSundowns

UMosimane uthi okwamanje kubaluleke kakhulu eqenjini lakhe ukuthi liqoqe kwasani okungamaphuzu okuphambi kwalo ukuze babe sembangweni wesicoco seligi.

“Yebo, siyimoshile imidlalo yethu esesandleni futhi lokho yiqiniso. Leyo midlalo ayisekho lapho kodwa sisesembangweni wesicoco,” kusho uMosimane.

“Siwine ngo-1-0 manje futhi ngijabule ngalokho ngemuva kokuwina ngo-1-0 futhi ngempelasonto. Anginayo inkinga ngokuwina ngo-1-0 kodwa uma kufika ku-5-0 njengesikhathi esedlule kusazoba yibhonasi kuthina kodwa okwamanje amaphuzu amathathu abaluleke kakhulu.”

Lo mqeqeshi uphinde wabonga abalandeli beqembu ngokubaseka ezikhathini ezinzima ngesikhathi bedlala imidlalo engu-6 bengawini.

Kuyimanje amaBrazilians ahleli endaweni yesine ku-log ye-Absa Premiership kanti asezithendeni zeKaizer Chiefs, iBidvest Wits kanye neCape Town City.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...