UPitso akalilahlile ithemba ngesicoco seligi

2017-04-13 18:01

Pretoria – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukholwa ukuthi iqembu lakhe lisenawo amathuba okuthatha isicoco seligi, phezu kokuthi leli qembu lihluleke lancama ukuwina emidlalweni emihlanu eyedlule.

Leli qembu elizinze eChloorkop lizotholana phezulu nezimbangi zaseTshwane, iSuperSport United, emdlalweni ongase ushintshe ukuma kwe-log ye-Absa Premiership.

OLUNYE UDABA:UModise uqinisekise ukuthi uzoyishiya iSundowns

“Khumbula ngesinye isikhathi sasingemuva ngamaphuzu angu-11 nemidlalo engu-8 esele ngesizini ka-2013/14. Uyazi ukuthi kwenzakalani (iSundowns yagcina iwine iligi),” uMosimane ucashunwe kanjalo yi-website yeKickOff.

UMosimane ukholwa ukuthi isimo asisibi njengoba kubukeka kuleli qembu lakhe, wathi kodwa akaqondile ukuthi nakulokhu bazokwenza okufanayo.

ISundowns isenemidlalo emithathu esandleni ngesikhathi iSuperSport nayo isinomdlalo owodwa okusamele iwudlale njengoba womabili amaqembu ehleli endaweni yesihlanu neyesine kuligi ngokulandelana.

UMosimane ukholwa ukuthi uma iqembu lakhe lingase lishaye amaMatsatsantsa lizoba namathuba okuphendula amatafula kule midlalo embalwa esele.

Uthi into asebeyidinga manje ukuwina umdlalo owodwa bese yonke into ibuyela esimweni. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...