Uphoxekile ngabanye babadlali beBafana

2017-11-08 18:00

Johannesburg - Lowo owayengumdlali weBafana Bafana uDelron Buckley akagculisekile ngokuzimisela kwabanye abadlali beqembu lesizwe, kanti ukholelwa ekutheni iningi labo linethezeke kakhulu lapho likhona.

Njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nenselelo yokuthola indawo emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia, uBuckley ukholelwa ukuthi abadlali bamanje abalilweli ngokwanele iqembu lesizwe.

“Eqenjini lesizwe sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu; sinekhono kulaba badlali, pho kungani kungabonakali lokho?” usho kanje ekhuluma neKickOff.com.

OLUNYE UDABA 'IBhakabhaka laqalekiswa nguSenzo Meyiwa'

“Kukhona abadlali abafana [noKeagan] Dolly, [Kermit] Erasmus, [Percy] Tau … sinabadlali abahle impela abanekhono, futhi ngalaba badlali kumele sidlulele [kweyeNdebe yoMhlaba] sishaye amazwe. Kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi kwenzakalani – kungenzeka ukuba abadlali banethezeke kakhulu lapho bekhona.

"Kudala uma sesigqoke ijezi leqembu lesizwe, kwakuba yisikhathi ‘sokubulala’ – sasikuqonda ukuthi kunezigidi zabantu ezisibukelayo, ngakho kwakumele senze into ebonakalayo, kwakumele siwine."

Njengoba uThulani Serero ebesematheni ngemuva kokulaxaza iqembu lesizwe, uBuckley uthi udumele ngokuthi baningi abadlali okungasho lutho kubona ukugqoka ijezi lesizwe.

“Engikubonayo ukuthi abadlali abaphesheya kwezilwandle, bahola imali enkulu, banethezekile,” esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...