UParker uthi balindele ukuba iChippa ifune ukuziphindiselela

2017-12-06 14:01

Cape Town – Umgadli weKaizer Chiefs uBernard Parker ukholelwa ukuthi iChippa United ifuna ukuziphindiselela ngokukhishwa kwayo yiChiefs koweTelkom Knockout.

IChiefs yehlula iChilli Boys ngo-1-0 kuma-quarter-final eTelkom Knockout ePort Elizabeth ngoNovemba kanti namhlanje ngoLwesithathu ebusuku la maqembu azotholana phezulu eNelson Mandela Bay Stadium kowe-Absa Premiership.

Amakhosi afuna ukuwina kwazise sekuphele imidlalo emine edlala ngokulingana kodwa uParker uyabazi ubunzima abazobhekana nabo ekuhambeni. 

"Siyakwazi esikulindeleke kwiChippa. Sidlalile nabo emasontweni edlule, futhi umdlalo waphela iChippa nomqeqeshi wayo bengeneme,” esho.

OLUNYE UDABA: UPitso ujabulile ngokumisa iBaroka

Uthi iChippa kayineme ngezinto ezenzeka emdlalweni odlule la maqembu etholene phezulu, ngakho izobe ifuna ukuziphindiselela.

AmaGlamour Boys alele endaweni yesithupha kwilogi kodwa alandela ngamaphuzu amathathu osesicongweni futhi afuna ukuqeda unyaka ka-2017 ngegiya eliphezulu.

Ngemuva komdlalo wabo neChippa, iChiefs izobhekana nePlatinum Stars eRustenburg bese ivala unyaka nge-Ajax Cape Town eThekwini.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...