Unozinti wele-PSL osefomini akaneme ngokungabizwa kwiBafana

2017-08-29 11:06

Cape Town – Unozinti weCape Town City osefomini, uShu-aib Walters, usephumele obala ngemizwa yakhe kulandela okunye ukushiywa ngaphandle eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

UWalters, nosekunguyena kuphela umdlali owayeyingxenye yesikwadi seNingizimu Afrika se-2010 World Cup namanje osalinde ukuthola ithuba eqenjini lesizwe, usezifundisile ukuthi akwamukele ukushiywa ngaphandle esikwadini seBafana Bafana.

Kodwa-ke ngesikhathi unozinti wokuqala kanye nowesibili beqembu lesizwe, u-Itumeleng Khune kanye noDarren Keet, bephoqeleka ukuba bangabi yingxenye yesikwadi, uWalters ubekholwa ukuthi usemathubeni amahle okubizwa eqenjini lesizwe.

Kodwa okunalokho, umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, uvele wakhetha ukubiza uReyaad Pieterse, okhuhla ibhentshi kwiSuperSport United, kanye nonozinti omusha we-Orlando Pirates, uWayne Sandilands, nokuyisikwadi esizodlala emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neCape Verde.

OLUNYE UDABA:UBaxter umemezele isikwati seBafana esizodlala kowokuhlungela eyomhlaba

Embhalweni wakhe owumbono, noshicilelwa kwi-Goal, uWalters – nobelokhu engomunye wonozinti abasefomini kuleli ngonyaka odlule – uzwakalise ukungenami ngalokhu.

“Yize  noma bekuphoxa kumina ukuthi ngishiywe ngaphandle esikwadini seBafana Bafana, sengifundile ukukwamukela eminyakeni eyedlule,” usho kanje.

“Ngizwe sengathi sekungaphezudlwana kulokhu njengoba bekunokulimala okubili okuyishwa emnyangweni wonozinti, kodwa futhi kuzoba nonozinti ababili baseqenjini elilodwa abaqokiwe. Njengoba sonke sazi, uyedwa kuphela unozinti ongadlala ekilabhini yabo,” kusho lo nozinti engeza ngokuthi uhlale ezitshela ngokuthi kumele akulindele ukuphoxeka empilweni.

UWalters uphinde wadlala umdlalo oncomekayo ngesikhathi iCitizens ishaya ompetha beligi, iBidvest Wits, ngo-1-0 emdlalweni womlenze wokuqala kumzuliswano owandulela owamanqamu kumqhudelwano we­-MTN8.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...