UNomvethe akawuvali umlomo ngomqeqeshi omusha wePirates

2017-02-23 09:30

Cape Town – Lowo owayengumgadli wamaZulu FC, uSiyabonga Nomvethe, akawuvali umlomo ngomqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, njengoba esake wadlala ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zimemezele ukufika kwalo mqeqeshi waseSweden esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko eRand Stadium, kanti ‘uBhele’ ukholwa ukuthi lo mqeqeshi uzosiza eziMnyama ukuthi ziwine izicoco.

OLUNYE UDABA:I-SAFA isikhiphe isexwayiso esishubile kuWits

“Ngimazi kahle uJonevret,” kusho lo mgadli owayedlalela iBafana Bafana etshela iSowetan Live.

“Uyindoda esezingeni eliphezulu kakhulu. Uhlale exhumana nabadlali bakhe.

“Uzinikele ekugcineni ubudlelweno obunempilo bokusebenza nabadlali bakhe. Ngikhumbula ngolunye usuku, wangitshela ukuthi akumele ngikhohlwe ukumaka ngoba ukholwa ukuthi abadlali bakhe abahlaselayo kumele nabo babuye emuva.

"Abadlali be-Bucs kumele balindele umuntu onobungani futhi osebenza kanzima.

“Ngithemba ukuthi uzowina izicoco bese ebamba iqhaza elihle ebholeni lethu ngolwazi lwakhe olukhulu. Abalandeli kumele bamunikeze ithuba ngoba kungokokuqala eqeqesha e-Afrika. Amava akhe azomsiza kakhulu.

“Enye into enhle ngaye ukuthi ukhuluma kahle isiNgisi, okuzoba lula kuyena ukuthi axhumane nabadlali.

"IDjurgardens yizinkunzi eSweden ezinomlando onothile njengePirates, futhi bawina izicoco, ngakho umqeqeshi ukujwayele ukusebenza emaqenjini amakhulu.”

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...