Ungihlabe umxhwele uBaxter, kusho uPitso

2017-05-31 11:01

Johannesburg – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usencome umlingani wakhe weBafana Bafana uStuart Baxter ngesikwati asihlanganisile esizogadulisana neNigeria kowokuhlungelwa i-African Nations Cup.

Lo mdlalo uzodlalelwa e-Uyo, eNigeria, ngomhlaka-10 Juni, kubika iKickOff.com.

Ezinye zezinqumo ezenziwe nguBaxter ezigqamile kube kungukubuyiselwa enkanjini yeBafana kukaBongani Zungu kanye noTokelo Rantie kanjalo nokunikeza ithuba lowo odlalela i-Cape Town City, u-Aubrey Ngoma.

UMosimane uthi uBaxter wenze ubulungiswa ngesikhathi ehlanganisa isikwati seBafana.

“Ungumqeqeshi onohlonze, lokho kufakazelwa yindlela adidiyela ngayo isikwati. Asinazaba,” kusho uMosimane.

Uthe uBaxter wenze kahle ngokubuyisa uRantie.

Isikwati sizohlangana ekhempini eGoli ngoLwesine ngaphambi kokubhekisa amabombo entshonalanga ne-Afrika ngesonto elizayo.

UBaxter usaqhubeka nokuncelisa amawele njengoba esaqhubeka nokucija iSuperSport United kuze kube idlala umdlalo wamanqamu weNedbank Cup lapho izobe ibhekene khona ne-Orlando Pirates ngomhlaka-24 Juni.

Umdlalo weBafana Bafana neNigeria uzodlalwa ngo-18:00 (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika).

Yiso lesi sikwati esihlabe uMosimane umxhwele:

Onozinti

Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Darren Keet (Wits), Ronwen Williams (SuperSport United).

Abasemuva

Ramahlwe Mphahlele (Kaizer Chiefs), Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (Wits), Eric Mathoho (Kaizer Chiefs), Lorenzo Gordinho (Kaizer Chiefs), Abbubaker Mobara (Orlando Pirates), Tebogo Langerman (Mamelodi Sundowns), Sifiso Hlanti (Wits).

Abasesiswini

Hlompho Kekana (Mamelodi Sundowns), Keagan Dolly (Montpellier, France), Andile Jali (K.V. Oostende, Belgium), Kamohelo Mokotjo (FC Twente, Netherlands), Dean Furman (SuperSport United), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Bongani Zungu (Vitória S.C, Portugal), Aubrey Ngoma (Cape Town City).

Abagadli

Percy Tau (Mamelodi Sundowns), Lebogang Manyama (Cape Town City), Kermit Erasmus (LENS, France), Sibusiso Vilakazi (Mamelodi Sundowns), Tokelo Rantie (Genclerbirligi, Turkey), Thamsanqa Gabuza (Orlando Pirates).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...