UNdoro ukuthi akanandaba nakancane nezikhalazo zePirates

2018-02-03 08:36

Cape Town – Umgadli we-Ajax Cape Town uTendai Ndoro uthi akumkhathazi nakancane ukukhononda kwe-Orlando Pirates ngokufakwa kwakhe esikwatini esishaye amaBhakabhaka ngo-3-0 kowe-Absa Premiership.

AmaSea Robbers abekhalaza nje kulandela isinqumo seDispute Resolution Chamber ye-PSL esivune ama-Urban Warriors, yize umthetho weFIFA ukubeka ngokusobala ukuthi umdlali oakavumelekile ukudlalela amakilabhu amathathu ngesizini eyodwa.

Lo mdlali odabuka eZimbabwe wadlalela amaBhakabhaka ngasekuqaleni kwesizini ngaphambi kokuyodlalela i-Al Faisaly yaseSaudi Arabia ngaphambi kokubuyela ku-PSL.

Kepha uNdoro, 32, uthi akumkathazi nakancane ukudluliswa kwesinqumo yi-PSL kanye nokukhalaza kwePirates ngokudlaliswa kwakhe kuleli sonto.

"Bekunodaba olukhona kepha manje ngiyajabula ngoba sengiyakwazi ukudlala ibhola, yingakho ngila kwi-Ajax. Ibhola selidlalwa emahhovisi esikhundleni sokuba lidlalwe enkundleni,” esho etshela iSowetanLIVE.

"Sizobona ukuthi lolu daba luphetha kanjani kepha ngiyacabanga ukuthi sengikhululekile manje. Ukube bekungenjalo bengeke ngivunyelwe ukuba ngidlale.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...