UNcobo ugxeke iSafa ngokweseka uJordaan kwelokudlwengula

2018-03-31 14:06

Lowo owayengunompempe kuleli, u-Ace Ncobo, uthi akufunayo wukuthi uDanny Jordaan asule esikhundleni asibambile kwiSouth African Football Association (Safa) ngokwephula imithetho ye-Fifa neye-Safa.

UJordaan ubhekene nezinsolo zokudlwengula kulandela ukuthi lowo ongumculi futhi owayeyilungu lePhalamende ngaphansi kwe-African National Congress, uJennifer Ferguson, amvulela icala.

UNcobo uthi uma kuziwa ezinsolweni zokudlwengula, kubalulekile ukuthi udaba luye enkantolo kube yiyo ekhipha isinqumo ngalo. Uthi isenzo seSafa sokusola abezindaba ngokwenzelela odabeni lukaJordaan, singumbhedo.

OLUNYE UDABA: UDanny Jordaan uzokwamukela ukuqulwa kwecala ngezinsolo zokudlwengula - Ummeli

"Abezindaba babika ngento eyiqiniso, kepha uma abantu benamandla futhi bengalijwayele iqiniso, bahlale njalo besola abezindaba ngokubika ngalezo zinto."

NgoLwesihlanu, iSafa ithe uJordaan akaphethwe kahle ngabezindaba mayelana nezinsolo abhekene nazo zokudlwengula.

Isigungu esiphezulu seSafa simemezele ngoLwesine ukuthi siyameseka uJordaan.

UNcobo udalule ekhasini lakhe likaTwitter ukuthi kunabanye abesifazane okungenani abathathu abazovulela uJordaan amacala.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...