UMzansi uqhathwe namaqembu ‘anzima’ koweNdebe yoMhlaba

2017-03-15 11:00

South Korea – Iqembu lesizwe labadlali abaneminyaka engaphansi kuka-20 ubudala, Amajita, liboshelwe namaqembu athathwa njengaqinile esigabeni samaqoqo kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba wabaneminyaka engaphansi kwengu-20.

La maqembu aqhathwe ngoLwesithathu edolobheni iSuwon, eningizimu nenhlokodolobha iSeoul.

Amajita afakwe eqoqweni uGroup D nalapho eboshelwe khona namaqembu okubalwa kuwo i-Uruguay, iJapan, kanye ne-Italy.

OLUNYE UDABA: Okwenze iTheku lalahlekelwa eyama-Commonwealth, uMbalula uphumela obala

Elinye iqoqo eliqaphelekile uGroup A, nalapho kuboshelwe khona iSouth Korea, i-Argentina, i-England kanye neGuinea. Lokhu kuzovuselela ubutha obokhona kwezebhola phakathi kwe-England kanye ne-Argentina.

Lo mqhudelwano uzoqala ngomhlaka-20 kuMeyi kanti umdlalo wamanqamu wona uzodlalwa ngomhlaka-11 kuJuni.

Esewonke amaqembu aqhathwe kanje: 

Group A

South Korea, Argentina, England, Guinea

Group B 

Germany, Mexico, Venezuela, Vanuatu

Group C 

Portugal, Costa Rica, Zambia, Iran

Group D 

Uruguay, Japan, Italy, South Africa

Group E 

France, New Zealand, Honduras, Vietnam

Group F

USA, Senegal, Saudi Arabia, Ecuador

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...