Umqeqeshi woSuthu ukhala ngokuthengiselana ngabadlali maphakathi nesizini

2018-01-03 09:30

Johannesburg - Umqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson uthi ngokwakhe ukubona kumele kungabikho ukuthengiselana ngabadlali ngoJanuwari ngoba kuphazamisa amakilabhu.

USuthu esigabeni sokuqala sesizini lunqobe imidlalo emithathu kuphela kwengu-13 oluyidlalile, kanti lungenhla kweBidvest Wits esemsileni kwilogi.

Kuqala isizini uSuthu lwathenga abadlali abaningi, kodwa manje uJohnson uthi asikho isidingo sokuba bathenge abanye abadlali.

OLUNYE UDABA: UMotaung uthi badumele kodwa ngeke baliphonse ithawula ngoKomphela

“Ngikholelwa ukuthi ukuvulwa kwewindi lokuthengiselana ngabadlali kudala umuzwa owehlukile emakilabhini emhlabeni wonke. Angicabangi ukuthi kumele lokho kwenzeke, ngokwami ukubona, lokhu kwenza abadlali bakhuphule izinga kuphela uma sebebona ukuthi basalelwe yizingana eziyisithupha baphelelwe yinkontileka yabo.”

Uthe yena akacabangi ukuthi leli thuba uzolisebenzisa kodwa-ke kuzobonakala ngoba leli yibhola. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...