Umqeqeshi wePirates wethembisa ukuthi izolunga inkinga yokungawini

2017-10-24 14:04

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ukholelwa ukuthi ikilabhu yakhe isayibambe ngakho nakuba yehlulekile ukufinyelela kulokho ebizibekele khona ngasekuqaleni kwesizini.

Ngasekuqaleni kwesizini, uSredojevic wazibeka ukuthi bafuna ukuthola amaphuzu ayishumi kuyona yonke imidlalo emihlanu.

IBhakabhaka lenze kahle emidlalweni yokuqala emihlanu njengoba liqoqe amaphuzu angu-11 kodwa lithole amaphuzu amathathu kuphela emidlalweni yabo emine eyedlule.

IBhakabhaka emdlalweni olandelayo weligi lizobhekana neMamelodi Sundowns ngoNovemba 1.

Kodwa uMicho unethemba lokuthi bazowaphendula amatafula kusukela manje.

OLUNYE UDABA: Ukunqoba kweChiefs kutatazelise iPirates

Uthi ugculisekile ngokuthi indlela abadlala ngayo izobaholela ekutheni bagcine sebewina.

“Sinokuzethemba futhi amagoli azoza. Ngalokho sizokwazi ukubuyisa lokho okusilahlekele ebesizibekele khona.”

Lo mqeqeshi uphinde wathi yonke imidlalo uyithatha njengeyamanqamu emidlalo ye-Africa Cup of Nations. 

“Angibheki ukuthi sidlala naliphi iqembu.”

Uthi ucabanga ukuthi akukubi kangako, okufanele bakwenzenje ukulungisa udaba lokushaya amagoli, nokuyinto athi izokwenzeka.

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...