Umqeqeshi wePirates uwufanisa nowamanqamu umdlalo wabo neCitizens

2018-03-13 21:00

Johannesburg - Umdlalo weNedbank Cup ophakathi kweCape Town City ne-Orlando Pirates uthathwa njengomdlalo wamanqamu.

Emdlalweni wokugcina ku-last 16, iCity izosingatha iPirates eCape Town Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo uthathwa njengomkhulukazi ku-last 16 kanti umqeqeshi wePirates uMilutin Sredojevic uthi ungowamanqamu ngaphambi kowamanqamu.

OLUNYE UDABA: IBaroka FC izimisele ngokumgcina isikhathi eside uKhumalo

“Asicabangi ngale kwalo mdlalo. Sigxile emizuzwini yawo engu-90 kuphela, nangaphezulu uma kwenzeka uma sesibhekene neCape Town [City]. Lo mdlalo uzositshela ukuthi simi kuphi njengamanje, kulokho esikwenzayo enkundleni nangaphandle kwenkundla,” kusho uSredojevic kwabezindaba.

Uthi umdlalo abagxile kuwona yilowo ozoba seCape Town Stadium nokuyiwona kuphela abawulungiselelayo.

Uphinde wathi kudingeka baqinise izikhepha nengqondo ukuze bezomelana neCape Town City.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...