Umqeqeshi wePirates uthi okwenzekile kumele kube yisifundo

2018-02-01 07:33

Johannesburg – Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uchaze ukuthelwa kwezakhe ngenduku yi-Ajax Cape Town “njengokuthotshiswa”.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zehlele endaweni yesine kwilogi ye-Absa Premiership ngemuva kokubhaxatshulwa ngo-3-0 ama-Urban Warriors ngoLwesithathu ekuseni, kubika iKickOff.com.

“Ibhola likanobhutshuzwayo lingumdlalo ovulelekile kulabo abazimisele ngokusebenzisa amathuba. Wonke la magoli angenile abengekho sezinhlelweni ebesinazo ngalo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSerbia ngemuva komdlalo ngoLwesithathu kusihlwa.

OLUNYE UDABA: IPirates ithi uJonevret wehlulwe wumsebenzi

“Ngesiwombe sesibili sizamile ukubuyela emdlalweni kwasho khona ukuthi udonga lwe-Ajax luqine ngqi - kusobala ukuthi bebenza le nto esingayibiza ngokuthi wukupaka ibhasi.

“Igoli lesithathu balifake ngoba bese sivele sintenga, bebehlasela besuka esiswini bese kube wukuphela kwendaba ngasohlangothini lwethu.

“Uma ikilabhu ikhula ingafaniswa nengane esafunda ukucathula, kwesinye isikhathi iyawa kepha ngokuhamba kwesikhathi igcina sihamba kahle,” esho.

Lo mqeqeshi uthe uyajabula ngoba wonke umdlali ubedlala ngokuzinikela okupheleleyo, wathi nokho lesi kumele kube yisifundo. “Basithobisile kakhulu,” ephetha.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...