Umqeqeshi wePirates uthi badlale njengokuba bebehlelile

2017-09-16 10:51

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi abafana bakhe badlale njengokuba bebehlelile emdlalweni wabo neMaritzburg United ophele ngo-0-0.

IPirates ihlulwe yithuba lokuqhwakela esicongweni seligi, ngemuva kokubuya nephuzu elilodwa eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mqeqeshi ongowokudabuka eSerbia uyavuma ukuthi badinga ukuthatha izinqumo ezingcono ngasebhokisini.

OLUNYE UDABA: IFifa izokhokhela iSafa ngomdlalo ozophindwa

"Bekuwumdlalo onzima kakhulu sidlala neqembu eliseqophelweni eliphezulu. Akuyona ihlanhla ukuthi banamaphuzu angu-8 kuze kube njengamanje,” kusho uSredojevic etshela iSuperSport.

"Sidlale njengokuba besihlelile. Kusadingeka silungise izinto ezithize ngoba ngoLwesibili sizobe sidlala neqembu eliseqophelweni eliphezulu futhi iCape Town City."

"ICape Town City ayikho kowamanqamu eMTN8 ngephutha. Simema wonke umuntu ukuba eze ezobona umdlalo osezingeni[ngoLwesibili].”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...